BUDLANGILE UBUGEBENGU E-EASTERN CAPE
LINDOKUHLE NGCOBO
SEKUBOSHWE abasolwa abangu-1228 ngamacala obugebengu abucayi esifundazweni i-Eastern Cape(EC). Laba basolwa baboshwe kule nyanga, kulandela umsebenzi wamaphoyisa oqale mhlaka 15 September kwaze kwaba usuku lwayizolo.
Kuvela ukuthi kudlangile ukubulawa kwabantu nokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe, njengoba abomthetho bethole izibhamu ezingu-16 ezingekho emthethweni.
Abasolwa abaningi babhekene namacala abucayi aqulwa ezinkantolo zase-EC ezahlukene.