BEZIWA KAKHULU KWI OLD SCHOOL PICNIC
Ziwa kakhulu eMunnies Hockey Club, kwi Old School Picnic engeyokuqala kulonyaka.
Lomcimbi uqale ngegiya eliphezulu ubophele abaculi abathandwa kakhulu kuleli behambisana noDJ beqophelo eliphezulu.
Bewungeke usho ukuthi lomcimbi uyaqala ukwenzeka ngendlela obekugcwele ngayo, nangendlela obewuhleleke ngayo, isound yakhona, istage konke bekuhamba kahle, kanjalo nabaculi noDJ ebebemenyiwe bebekhona. Kubona singabala uSboniso Chiliza, DJ Wonder, DJ Cndo, Sjerere, Bongz, DJ Siyanda Happygal, Nzwiri, Chynaman. Abaculi abajabulise abantu baze bafuna impinda kuProfessor, Zola, Mdu Masilela noKabelo Mabalane. Uhlelo beluphethwe uMondli Mzizi, Tha Simelane no Swazi M.
Kwale ngisho imvula iza ngamandla abathandi bobumnandi bavele bathi asiyi ndawo.
Ngenxa yemithetho elawula idolobha iTheku, uncimbi uphele ngaphambi kwehora lika-12.