BEYILETHELWE UMBONDO IROYAL CHANCELLOR


Kuvele kwangathi iyagcagcelwa Inkosi Malusi Zondi oyiRoyal Chancellor kaZulu ngesikhathi ilethelwe umbondo uMaMakhumalo izolo, eMzinyathi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngeSonto eledlule kade kungumshado kanina weNkosi. Izolo bekungumbondo, kuzothi kuleli sonto esiya kulona inkosi igcagcelwe uyena uMaKhumalo.

Abantu bebephume ngobuningi babo, indawo yokupaka izimoto iphenduke yaba ncane kakhulu.

Lomcimbi uphinde wavunywa nawukungani kwezulu, ebelibukeka sengathi lizoyidliva kodwa lagcina lingananga.