BEWUSEQOPHELWENI ELIPHEZULU OWEBAFANA NE NIGERIA


SIZO BLOSE 

IBafana Bafana idlale kahle kakhulu ibamba iNigeria ngo 1-1, eBloemfontein namhlanje. 
IBafana ifake ingcindezi kwiNigeria umdlalo uqala. Lengcindezi iholele ekutheni umkhonto ugcina ugwaza ekhaya ezweni laseNigeria.

INingizimu Afrika ibe seyihamba phambili ngo 1-0. Kuthe sekuzoyiwa ekhefini yacindezela.iNigeria, ukusebenza kwayo kanzima kugcine kuthela izithelo ezinhle njengoba igcine ilitholile elokulinganisa. 
Kuyiwe ekhefini kungu 1-1.

Ngesikhathi kubuywa ekhefini umdlalo bewulingana, ingekho evuma ukugoba uphondo.
Kube nokukhononda okukhulu ngegoli leNigeria, abanye bethi ibhola lithinte esandleni kumdlali olibeke ebethini. 
Kuze kwakhala noNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie. "Siyayidinga ngempela iVAR," kusho uMcKenzie ngemuva komdlalo, yena ezithethelela ngokuthi usekwenze konke okumayelana nezimali sekusele iSafa ukuthi iqedele lomcimbi. 

IBafana sekusele ukuthi idlale neRwanda neZimbabwe, uma iwina lemidlalo noma owodwa izolifulathela elakuleli ukuyomela leli lizwekazi lase Afrika kwiNdebe yoMhlaba.