BEKUBHUJWA KU UGU JAZZ FESTIVAL
UDj 101 uthathe umcimbi wawubeka esicongweni ngomculo wakudala akade ewuqhulula kwi UGU Jazz izolo, e-Ugu Sport & Leisure.
Abantu bebephume ngobuningi babo ukuzozibonela izitandokazi zabo zabaculi ebebenandisa kule ndumezulu yomcimbi.
UNaledi Aphiwe usheshe wanandisa wahamba. UDon Laka uchaze abantu abaningi ngendlela abelushaya ngayo upiyano. Umculi ophinde wajabulisa abantu kakhulu kube uSiphokazi wodumo lwamacala. Abathandi bomculo bazithandile izingoma zikaSiphokazi ezintsha.
Kodwa uvala kube uDj 101, ubebayisa phambili ebayisa emuva ngomculo. Abantu bawuthokozelile umculo ka 101, oyinsizwa yakhona endaweni. Okunye okuphawulekile ukuthi bekungabandi kangako kanti abantu bebegcwele itende elikhulu nezokuphepha ziqinile.