BEBEFUNWA ABASOLWA ABADUTSHULWE AMAPHOYISA BAFA


SEKUVELE ukuthi bebefunelwa amacala okubulala amane, abasowa ababili abadutshulwe ngamaphoyisa bafa KwaNgcolosi, namuhla.

Kulawa macala kubalwa namabili enziwe izolo, lapho kudutshulwe kwabulawa owesifazane oneminyaka engu 84 ubudala nengane yentombazane eneminyaka engu 13 ubudala khona KwaNgcolosi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda udalule ukuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngendawo obekucashe kuyo abasolwa. Uthi abakwasidlodlo babe sebegasela endlini ebinabasolwa.

"Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukungena ngaphakathi endlini, kube nokudubulana phakathi kwamaphoyisa nabasolwa. Kudubuleke abasolwa ababili bashona. Alikho iphoyisa elidubulekile ngesikhathi kuqhubeka ukudubulana," kubeka uNetshiunda.