BEBEFUNWA ABABULEWE AMAPHOYISA
BEBEFUNELWA amacala okubulala amabili enzeke okuqaleni kwalo nyaka, abasolwa ababili abadutshulwe babulawa ngamaphoyisa eMhlasini, eVerulam namuhla.
Kuvela ukuthi amaphoyisa kaMasipala weTheku(Trio Crimes) athole umkhondo ngendlu obekucashe kuyo abasolwa. Abomthetho babe sebenikela khona, ngesikhathi amaphoyisa efika, abasolwa ebebekade bengaphakathi endlini bavulele izulu lezandla bebhekise emaphoyiseni. Nokuyilapho kube nesigameko sokubulana phakathi kwabasolwa namaphoyisa. Kube sekudubuleke abasolwa ababili bashona endaweni yesigameko.
Abakwasidlodlo baveza ukuthi bathole izibhamu ezincane ezimbili, kuzo kukhona nesohlobo lwe Z88 parabellum.
Kuvulwe icala lokuzama ukubulala amaphoyisa, esokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.