BEBEFUNELWA UXHAXHA LWAMACALA ABADUTSHULWE ENANDA



SEKUVELE ukuthi bebefunelwa inqwaba yamacala abasolwa ababili abadutshulwe ngamaphoyisa bafa, namuhla  eMzomusha, eNanda.

Phakathi kwamacala okuvele ukuthi bebefunelwa wona, kubalwa owokubulala nawokuzama ukubulala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthi abakwasidlodlo balunywe indlebe ngabasolwa abangu 5, abathinteka emacaleni obugebengu. Uthi abomthetho babe sebeqala ukuthungatha laba basolwa entathakusa. 

"Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi wawo, athole umkhondo ngabasolwa ababili ebebecashe endlini eseMzomusha. Kuthe mangabe amaphoyisa esondele eduze kwalendlu. Abasolwa badubula kuqala bebhekise emaphoyiseni, kwase kuba nokubudulana, okuholele ekutheni kudubuleke abasolwa ababili abaphakathi kweminyaka engu 20 kuya kwengu 25 ubudala bashona. Kutholakale izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni. Amaphoyisa athungatha abanye abasolwa," kubeka uNetshiunda.