BAZOVELA ENKANTOLO ABASOLWA NGOKWEBA ENTUZUMA




KULINDELEKE ukuthi bavela namuhla eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, abasolwa ababili abaphakathi kweminyaka engu 21 nonengu 23 ubudala. Laba basolwa baboshwe eNtuzuma izolo, ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezimpahla okusolakala ukuthi ngezokuntshontshwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uSergeant Thenjiswa Ngcobo uthi amaphoyisa abone imoto yohlobo lweVW lingenayo inumber plate. Wathi abomthetho babe sebezama ukuyimisa le moto.

"Imizamo yabo(Abomthetho) yokuyimisa le moto ayizange iphumelele, njengoba laba ebebephakathi emotweni bezame ukubaleka. Ngesikhathi bebaleka amaphoyisa abe esabajaha, akuphelenga sikhathi esingakanani bejahana ku-California.  Kube sekuboshwa abasolwa ababili. Kuthe amaphoyisa uma esesha abasolwa, athola isibhamu esodwa esincane nezinhlamvu ezingu 8. Lesi sibhamu kutholakale ukuthi santshontshwa ngesikhathi kugqekezwa emzini oseNtuzuma. Kuphinde kwatholakala omakhalekhukhwini abahlanu, abasolwa bahlulekile ukunikeza incazelo eqondile ngabo," kubeka uNgcobo.