BAZOVELA ENKANTOLO ABASOLWA NGOKUTHUMBA NOKUBULALA
LINDOKUHLE NGCOBO
KULINDELEKE ukuthi bavele kusasa mhlaka 14 July 2025 eNkantolo yeMantshi eQumbu, e-Eastern Cape abasolwa ababili ababhekene necala lokuthumba nelokubulala.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi bekhalelwe amasongo kaSigonyela ngenyanga edlule(June 2025), njengoba begcinwe esitokisini. Kuvela ukuthi ngomhlaka 1 June 2025, kuthunjwe abesilisa ababili, oneminyaka engu-20 ubudala nonengu 22 ubudala, abathathwa itekisi Inyathi emhlophe, eQumbu.
Lokhu kuthumba kwalaba, kuhlobene nezinsolo zokuthi abagilwa bantshontsha isikhwama esasinomakhalekhukhwini ababili nemali engadalulwanga. Ngomhlaka 3 June kwabe sekuvulwa icala lokuthumba esiteshini samaphoyisa eQumbu. Kwathi ngosuku okuvulwe ngalo icala, kwaba sekutholakala umgilwa eneminyaka engu-20 emzini oseMarambeni, egcwele amanxeba okulinyazwa emzimbeni, wabe esephuthunyiswa esibhedlela.
Lokhu kwaholela ekutheni kuboshwe umsolwa wokuqala, uTembalethu Ncudu oneminyaka engu-32 ubudala ngomhlaka 4 June. Uvele(Ncudu) kamfishana eNkantolo yeMantshi eQumbu, ngosuku aboshwa ngalo.
Umsolwa wesibili kuleli nokukholakala ukuthi ungumnikazi wetekisi uSifiso Nene waseMahlungulu oneminyaka engu-33 ubudala, uboshwe mhlaka 15 June 2025. Kuthe ngomhlaka 10 July, kwatholakala isidumbu somgilwa wesibili esabonwa ilungu lomphakathi siboshwe ngentambo izandla nezinyawo eMahlungulu.
Ukhomishana wamaphoyisa esiFunda i-OR Tambo uMajor General Norman Modishana ukwamukele ukuboshwa kwalaba basolwa.
"Itekisi Inyathi emhlophe esentshenziswe ukwenza lobu bugebengu, igcinwe njengobufakazi kuleli cala," kuchaza uModishana.