BAZOVELA ENKANTOLO ABASOLWA NGOKUSHUSHUMBISA IZIDAKAMIZWA


Lindokuhle Ngcobo 

KULINDELEKE ukuthi bavela namuhla eNkantolo yeMantshi yaseNewcastle, abasolwa ababili ababhekene necala lokushushumbisa izidakamizwa. 

Laba basolwa abaphakathi kweminyaka engu 34 nonengu  37 ubudala, baboshwe ngamaphoyisa  izolo, eNewcastle.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi amaphoyisa alunywe indlebe ngomlisa obebuya eGauteng, ukulanda izidakamizwa elibhekise eNewcastle. Wathi abakwasidlodlo babe sebemlusa lo mlisa, nokuthe efika enkabeni yedolobha iNewcastle babe sebembopha.

"Athe uma emsesha amfica nezidakamizwa eziningi. Ngemuva kwalokho amaphoyisa abe esebhekisa amabombo ekhaya lalo mlisa. Lapho afike athola ezinye izidakamizwa  zohlobo lwe crystal meth. Lo mlisa oneminyaka engu 37, ungaphandle ngebheyili ngawo amacala ezidakamizwa. Umsolwa uphinde waboshwa ngamacala okudayisa izidamizwa," kuchaza uMagwaza.

Wathi abomthetho baphinde bathola umkhondo ngowesilisa obehlela ukuyodayisa izidamizwa eNewcastle. Abakwasidlodlo babe sebegasela emzini walo mlisa, bamthola esemotweni. Nokuthe uma(abakwasidlodlo) besesha imoto yakhe bathola inqwaba yezidakamizwa nesamba semali esingadululwanga.