BAZOVELA ENKANTOLO ABASOLWA NGOKUBULALA


LINDOKUHLE NGCOBO 

KULINDELEKE ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe kusasa mhlaka 27 October 2025, abasolwa ababili ababhekene necala lokubulala owesifazane oneminyaka engu-64 ubudala. 

Abalisa abaphakathi kweminyaka engu-24 nengu-36 ubudala babhekene necala elenzeke, mhlaka 14 October 2025. Lapho kwabulawa khona uNkk Khanyisile Ngwane emzini wakhe oseNhlabamkhosi, eMthwalume. Uphenyo lwamaphoyisa, luveza ukuthi kukhona nezimpahla ezantshontshwa kulesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi ngemuva kwesigameko, abomthetho bavula icala lokubulala nelokubamba inkunzi kuhlonyiwe. 

"Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekutheni ngoLwesine mhlaka 23 October 2025, kuboshwe umlisa oneminyaka engu-24 ubudala, otholakele nezimpahla ezantshontshwa emzini kaNkk Ngwane. Amaphoyisa aqhubekile nomsebenzi wawo aphinde abopha owelisa oneminyaka engu-36 ubudala, ngecala lokubulala uNkk Ngwane," kubeka uMagwaza.