BAZOTHULULA KONKE KUNKULUNKULU ABESIFAZANE ABASEMBONINI YABANGCWABI
LINDOKUHLE NGCOBO
BAZOHAMBA ezinyathelweni zikaHana wasebhayibhelini, abesifazane abasembonini yabangcwabi. Lapho bezothulula konke kuNkulunkulu emkhulekweni, iWomen In Funeral Business Prayer, ozokuba ngomhlaka 28 October 2025, ehholo lomphakathi elika-G KwaMashu, enyakatho neTheku.
Umhleli walo mkhuluko uNksz Busisiwe Zondi okhonza ebandleni iBantu Methodist Church of Southern Africa, ngaphansi kwesiFunda iBMC KwaZulu-Natal Coastal. Uthi wafikelwa umbono wokuba kuhlelwe lolu hlobo lo mkhuleko, ngemuva kokuhambela ingqungquthela yabesifazane abasembonini yabangcwabi ekuqaleni kwalo nyaka.
"Ngesikhathi kuqhubeka umcimbi ngabona izingqinamba ezibhekene nabesifazane, abakulo mkhakha ogcwele abantu besilisa. Ngaqaphela ubuhlungu abesifazane ababhekene nabo kwezezimali nasemoyeni. Ukungcwaba njalo ngezimpelasonto kuyabakhathaza, ukhumbule bangabantu besifazane kuyezwela," kuchaza uNksz Zondi.
Eqhuba, uveze ukuthi uhlele lo mkhuleko ngenhloso yokunika laba besifazane indawo abazokhalela kuyo, bebikela konke kuJehova. Wathi lo mkhuleko uzobe uholwa uMfu Thabile Nkosana, uMfu Siwe Ndlovu noNdlovukazi Mapule.