BAZOBUYISELWA ENINGIZIMU AFRIKA ABASOLWA NGOKUBULALA U-AKA


Izelamai zakwaNdimande  ezithinteka ekubulaweni  kuka AKA zizobuyiselwa kwelakuleli. Lokhu kulandela isivumelwano elakuleli esibe naso neziphathimandla zaseSwazini.

Lezi zelamani zabanjwa khona eSwazini ngecala lokufa kuka AKA owadutshulwa ese-Morningside ngaphambi kwendawo yokudlela ebizwa nge Wish.
Kanti babhekene nanecala lokubulala umngani ka AKA uTibs.