BAYOHLANGANA EJELE IBHONGWENI UBESTER NO MATLALA


Okhulumela amajele, uSingabakho Nxumalo usekuqinisekisile ukuthi uThabo Bester oke weqa ejele usethuthelwe eBhongweni, eKokstad. Kuleli jele kungena iziboshwa eziyingozi.

Kungekudala uVusimuzi Matlala odume ngoCat naye usanda kuthuthelwa kulona leli jele.
UCat usezicelelile ukuthi angathokoza uma ebuyiselwa eKgosi Mampuru noma ejele eliseGauteng ngoba kunzima ukuxhumana nabameli bakhe uma eseBhongweni.

Ngaphandle kokuba yisiboshwa esiyingozi uBester asikakotholakali isizathu sokuthuthelwa kwakhe kuleli jele.