BAYAVELA ABATHOLAKALE NEZIDAKAMIZWA
KULINDELEKE ukuthi bavela namuhla eNkantolo yeMantshi yaseThekwini abasolwa ababili, ababoshelwe ukushushumbisa izidakamizwa.
Laba basolwa baphakathi kweminyaka engu 29 nengu 32 ubudala, baboshwe ngamaphoyisa endaweni yasePoint, eThekwini, izolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant Colonel Paul Magwaza ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa ababili, ngezinsolo zokudayisa izidakamizwa
"Umsolwa oneminyaka engu 29 ubudala utholakale namabhodlela angu 20 abequkethe impushana ye cocaine. Kwathi umsolwa oneminyaka engu 32 utholakale ephethe izigcwezi ze rock cocaine, iheroin ne mandrax. Abasolwa babe sebeboshwa ngokudayisa izidakamizwa ezingabiza inani lika R330 000. Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla mhlaka 20 February 2026," kubeka uMagwaza.