BAXOLISILE ABEBEKHULUMA KABI NGAMAKHALADI KWI OPEN CHAT PODCAST


I-Open Chat Podcast seyixolisile nge episode enokucwasa. Kulolu hlelo oselusukumise iNingizimu Afrika yonke abantu bekhalaza ngendlela abethuli balolu hlelo abaziphathe ngayo.

Bazwakala bethi amakhaladi, ethi ehlobene kodwa alalane wodwa, omunye umethuli wohlelo uzwakala ethi, akumthisi okushiwo uzakwabo ngoba vele amakhaladi agangile.

Laba bethuli sebegxekwe kakhulu, nezinhlangano zepolitiki seziveze ukungenami kwazo ngesenzo salaba bethuli bohlelo.
Umholi wePatriotic Alliance, uGayton McKenzie uthe laba kumele bajeziswe kingaba yiphutha ukungabenzi lutho. Ukhala ngokuthi ngeke bafunde emaphutheni abo.