BATHI KUSHAYA UMOYA ENGEKHO AMATEKISI ETHEKWINI


SIZO BLOSE 

Kuhlukene imibono ngokungahambi kwamatekisi eThekwini namaphethelo.
INews Avenue ikhulume nabanye babahlali baseThekwini ngalolu daba.

UThabane Dlamini (42) uvele wathi empeleni kushaya umoya emgwaqeni njengoba engekho amatekisi. "Uyazi nje namhlanje ukuthi lesi siphithiphithi sesicefe esivamise ukuthi sibe lana edolobheni asikho. Kwathina sishayela ngokukhululeka abekho abantu abasigudluzayo," kubeka uDlamini.

USindi Ngcobo(33) uthe akakaze ahlukumezeke kanjena ngokungabi khona kwamatekisi. "Kuleli sonto ngingena ebusuku. Ngithi ngiyafika ekuseni ngizobheka itekisi ezongibuyisela ekhaya, lutho. Okubuhlungu ukuthi  bengingazwanga lutho ngezinkinga ezokhona, njengamanje ngiyofuna ibhasi. Okungicikayo ngalo ukuthi lingehlisa kude" kusho umaNgcobo.

Sipho Dlala uthe okumphatha kabi ukuthi abanye abantu bebengazi ngalokhu kungasebenzi kwamatekisi. "Nginezingane ezifundayo, azikwazanga ukuya esikoleni ngenxa yalesi simo. Anginankinga nemboni yamatekisi uma ilwa izimpi zayo, kodwa njengabasebenzisi bamatekisi sicela ukwaziswa kusenesikhathi," kusho uDladla.

Sboh Zulu uthe unethemba lokuthi lenkinga izoxazululeka, isimo sibuyele kwesejwayelekile ngoba njengamanje, abantu baxabana nabaphathi babo emsebenzini izingane zesikole ziyasala ezifundweni.

"Akulula ngisho ukuthatha ama Uber ngoba amanani awo njengoba kunjena nje aphezulu kakhulu.

Abamatekisi bathathe lesi sinqumo nje kungenxa yokuboshwa kwezimoto zabo ezingu 15.