BATHI AKABOSHWE UJOHNSON KUDEDELWE UMASEMOLA


SIZWE BLOSE 

Abantu ezinkundleni zokuxhumana bathi akakhululwe uGeneral Fannie Masemola uNational Commissioner  osamisiwe ngoba kuyacaca akenze lutho.

Lokhu kulandela izinto ezivele kuMadlanga Commission eziwubugebengu okucacayo ukuthi umphathi we-IDAC osesulile esikhundleni u-Andrea Johnson ubazi ngazo futhi engomunye wongqondongqondo ekwenzekeni kwazo.

Baphinde bathi yize uJohnson esesulile esikhundleni kodwa kuzofanele aboshwe.
Baphinde bangalishiyi ngaphandle igama lomholi we EFF, uJulius Malema naye otholakala cishe kubona bonke labo abasolwa ngobugebengu.