BATHEMBISA INTO YAMEHLO KULO NYAKA ABE-INKKASI XPERIENCE




BATHEMBISA ubumnandi bezinga eliphezulu abahleli bomcimbi  i-INKKASI Xperience ezoba ngomhlaka 15 December 2025, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. 

Omunye wabahleli balo mcimbi uPhilani "Splash" Ngwenya uthi i-INKKASI Xperience yasungulwa ngenhloso yokwakha uzinzo nokuthula endaweni yaKwaMashu edume kabi. 

"Lo mcimbi akusiwona owami kodwa ngowabantu bonke. Ngesikhathi siwuqala sasingenabo abaxhasi, lokho kusho ukuthi siwenza ngothando, asijahi imali. Asisho ukuthi asinawo amaphutha kodwa siyathembisa ukuthi izinga lizonyuka kulo nyaka, " kubeka uNgwenya. 

Uthe ujabule ngoba ngonyaka odlule akekho umuntu olimele kulo mcimbi.

Abaculi abazondisa  kwi-INKKASI Xperience ilaba: DJ Maphorisa, Karma De Small, Morda, Mawhoo, DJ Tira, OKMalumkoolkat, Zola 7, uShenge waseHlalankosi, Distruction Boyz, Black Diamond, Dladla Mshunqisi, Dankie Boi, Babes Wodumo, We Dem Boyz, Mgilane, Big Nuz, Ntencane,  DJ Happygal, Zakwe, Duncan, TDK Macasette, JNR Richi, DJ Wobbly, DJ Cindo, DJ Soh, Blao Kido, Perfecto-Mlu(Gqom Therapy), Berry H Shakur, Sjerere, Space Network, Drummer Splash, Marima Group, Cairo, Merlon, Drega, Skillz, DJ Sonic, Speech Umlangeni,  Mihmash, DJ Nzwiri, Andy West no- Acapemusik.