BASOLA IKUMKANE NGOBUDLELWANO NEZWE LAKWA ISRAEL


Sizwe Blose 

IKumkane yabaThembu, uKing Buyelekhaya Dalindyebo uzoxoxisana nenye yama channel ethelevishini namhlanje ntambama. 

Inhloso yalokhu kuzobe kungukucacisa ngalobu budlelwano anabo nezwe lakwa Israel. Kuzokhumbuleka ukuthi usanda kuvakashelwa esinye sezikhulu eziphezulu zakwa Israel kanti naye uke wavakashela khona nalapho afike walincoma kakhulu izwe lakwa Israel.

Konke lokhu akwenzayo akuhleli kahle kuNdunankulu wase Eastern Cape, u-Oscar Mabuyane. Lomholi ukhala ngokuthi iKumkane bekumele ilandele indlela okuyaye kwenziwe ngayo uma unesivakashi esisuka kwelinye izwe.
IKumkane ayisithulanga isivakashi sayo kuhulumeni, ngokwemibiko.

Kanti noNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula ukhala kakhulu ngeKumkane. Uthe yenza okuphambene nezwe laseNingizimu Afrika. "Akekho ongazi ukuthi izwe lakwa Israel licindezele iPalestine, thina njengezwe siyaphikisana nayo yingakho size sayiyisa kwi International Court of Justice. Okubuhlungu uyise weKumkane wayesemzabalazwe, lokhu kuphambene noyise wayo," kuphetha uMbalula.