BAKHALA NGOKUNGAPHATHWA KAHLE ABEZENKOLO


Lindokuhle Ngcobo 

ABAHOLI benhlangano yezenkolo eThekwini, iReformed Independent Church Association(RICA) bakhala ngokungaphathwa ngendlela efanele kukaBishop Michael Sandlana webandla iPentecostal Holiness Church (IPHC). USandlana usagcinwe esitokisini ngecala lokuzama ukugwazela ujaji Portia Phahlane weNkantolo ePhakeme yasePitoli.

Ekhuluma namuhla, eLight House Church, KwaMashu uBishop Sandile Ndlela, udalule ukuthi beyinhlangano iRICA abahluleli muntu. Wathi ufuna umbuso usingathe icala likaSandlana ngendlela enobulungiswa. 

"Akwenziwe ubulungiswa, asiphathe wonke umuntu ngokulingana. Akungabibikho uzozibona engcono, kungabibikho uzozibona yena engekho ngcono. Sikhuluma into eyodwa makwenziwe ubulungiswa," kubeka uNdlela. 

USandlana kulindeleke ukuthi avele enkantolo ePhakeme yasePitoli mhlaka 6 March 2026, nabalingani bakhe(uSandlana) abathathu okungu Mnuz Vusi Ndala, uPhahlane noKagiso abangaphandle ngebheyili. 

Kusolakala ukuthi phakathi konyaka ka 2021 no 2022, uSandlana noNdala bakhokhela uJaji Phahlane imali engango R2.4 million, kumabhange ahlukene. Ngokwezinsolo, lokhu bakwenza ngenhloso yokuthi inkantolo ikhiphe isinqumo esivuna uSandlana ecaleni lombango webandla. 

Lokhu kwaholela ekutheni iNPA, iholwa uphiko loklebe libophe laba abane ngoNovember 2025.