BAGWETSHWE UDILIKA JELE ABABAMBE IMALI YAKWA SASSA




SOMPISI NTULI

Abalisa ababili, uMuzi Sibiya (42) noNduduzo Shezi (36), bagwetshwe udilika jele, iNkantolo  enkulu ePietermaritzburg, ngoLwesihlanu, 29 August 2025.

Laba balisa batholwe necala lokubulala kanjalo nelokweba.

Ngomhlaka 4 kuNtulikazi 2025, USibiya no Shezi kanye nabasolwa abane, bagqekeza e-Tugela Ferry Mall, eMsinga, okuyilapho abathatha khona imali eyayizokhokhelwa abasebenzisi bakwa Sassa.

USibiya obezifihle, utholakale ne jakhethi kanye nenani lemali elingadalulwanga.

Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi uSibiya ubengumshayeli wetekisi khona endaweni yaseMsinga, okusolakala ukuthi ubephinde abe ngumbulali.

Ubufakazi obutholakale emotweni ebihamba abasolwa bukhombe kuNduduzo Shezi. Lo msolwa utholakale ejele laseGoli lapho ebeboshelwe icala elihlukile.

Amaphoyisa asaqhubeka nokuthungatha abanye abasolwa abathinteka kuloludaba.