BAGWETSHIWE ABABAMBA IMOTO YEMALI EMTSHEZI
LINDOKUHLE NGCOBO
BAGWETSHWE iminyaka engu-15 umuntu emunye abesilisa ababili ngecala lokubamba imoto yemali.
USiyabonga Mncube (30) noMbongeleni Manyoni (35) bagwetshwe Inkantolo yesiFunda yaseMtshezi izolo. Kulandela ukuthi le nkantolo ibathole(Mncube noManyoni) benecala lokubamba inkunzi imoto yemali. Lesi sigameko senzeka ngo-June 2022 emgwaqeni uR103 eMtshezi. Lapho abamangalelwa badubula imoto ethwala imali ngenqwaba yezinhlavu.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo uthi uMncube noManyoni baphuca onogada izibhamu, basebenzisa iziqhumana ukuqhumisa ingemuva le moto. Wathi abamangalelwa babaleka nesabamba semali esingadululwanga endaweni yesigameko.
"Ngosuku olulandelayo kwaboshwa uMncube noManyoni, ngemuva kokutholakala bephethe imali entshontshiwe. Laba ababili bavela kaningi enkantolo kwaze kwaba usuku lwangomhlaka 16 July 2025, lapho betholakale benecala," kuchaza uMhlongo.