BAFUNA UBULUNGISWA NGAMAWELE AKWA DLAMINI


SIZO BLOSE 

Amalungu omphakathi agcwale imigwaqo yeTheku, amasha efuna ubulungiswa ngokufa kwewele lakwaDlamini u-Aphelele kanti u-Aphile yena walimala kabi kangangokuba ukwi coma esibhebhedlela. 

Lokhu kwenzeke kwelinye lamabhilidi, iHomii edolobheni. Kuze kube yimanje ayikakotholakali imbangela yalesi sigameko. 

Uyise walawa mawele, uKhaya Dlamini ukhala ngokuthi abaleli bhilidi abafuni ukusizana naye, ukuthi kutholakale imbangela yokulimala kwezingane zakhe. 

Abantu baphume ngobubingi, bethi uphenyo lwama phoyisa luhamba kancane kakhulu.
 Baye kulona leli bhilidi baphinde badlulela nakomkhulu lamaphoyisa, bezwakalisa ukungenami kwabo ngopheyo olushaya ngonyawo lonwabu.