BABANJWE EMLAZA ABANTSHONTSHE UBUCWEBE E-GATEWAY MALL



SEKUBOSHWE abasolwa abahlanu abaphakathi kweminyaka engu 20 kuya kwengu 44 ubudala namuhla eMlaza. Abasolwa bayamaniswa necala lokubanjwa kwenkunzi esitolo sobucwebe esiseGateway Mall, eMhlanga izolo.

Okhulumela amaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN), uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi amaphoyisa athole umkhondo ngabasolwa abafuna umuntu ozothenga ubucwebe eMlaza. Wathi abomthetho babe sebeya eMlaza ukuyothungatha abasolwa.

"Ukuzikhandla kwamaphoyisa nokubekezela kube nomphumela omuhle, lapho bekwazile ukuthi babophe abasolwa abahlanu khona eMlaza. Ngesikhathi kuboshwa abasolwa, kuphinde kwatholakala ubucwebe obungadayiswa ngenani lika-R 3 million, izimpahla zokugqoka, amakhadi asebhange nama-mobile routers," kuchaza uMagwaza. 

Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele eNkantolo kaMantshi waseThekwini, ngoLwesithathu mhaka 15 April 2026. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.