BABANJWE BEDAYISELA ABAFUNDI INSANGU
BAKHALELWE ngamasongo kasigonyela abasolwa ababili, okukhona kubo owesifazane nowesilisa. Laba basolwa babanjwe bedayisa insangu emzini osemgwaqeni uNgobese, eLamontville namuhla.
Kuvela ukuthi amaphoyisa abevakashele isikole esiseduzane nalo muzi, ngesikhathi ebona abafundi bedayiselwa insangu ngabasolwa. Abomthetho babe sebeqala ukwenza uphenyo, olugcine libafake phakathi emzini wabasolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi ngesikhathi amaphoyisa egasela emzini wabasolwa, athole ukuthi kutshalwe insangu.
"Ngaphakathi komuzi, amaphoyisa athole insangu, imishini yokuhlanza insangu, izindawo zokuphakisha insangu nebhodi elikhombisa ukuthi insangu ikhuliswa kanjani futhi itshalwa kanjani. Abasolwa ababoshiwe babekwe amacala okutshala nokudayisa insangu, bazovela(abasolwa) enkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu mhlaka 26 February 2026," echaza