AYIKHO EYA MALAKOANA YOKUHKUKANISA UNYAKA KU KHOZI FM
Sekuvele ukuthi amampunge eyokuthi uKhozi FM selulande uMandla Malakoana oseyisikhulu sikaMasipala weTheku ukuthi azohlukanisa unyaka.
Lezi zinkulumo esezihambisana nesikhangiso lapho kubonakala khona uMroza Buthelezi, Tshatha Ngobe naye uMandla Malakoana.
Ngemuva kokusabalala kwalezi zindaba iNews Avenue ibe seyithinta abasondelene nalolu daba.
Ephendula omunye wabo, uthe lolu daba uma lukhona ngabe kade lufakiwe kwiWebsite yoKhizi FM, futhi ihhovisi elise Goli ngabe selisikhiphile isitatimende. "Okwamanje ngingasho kugcwale umlomo ukuthi zingamampunge lezi zindaba," kubeka lomthombo.
INews Avenue iphinde yazama uMalakoana, ithe uma ingamtholi yathola osondelene naye. Uvele wazichitha lezi zindaba wathi, ngabe sebemazisile uMalakoana. "UMalakoana ngabe usengazisile, mhlawumbe basazomthinta kodwa okwamanje naye nginesiqiniseko sokuthi akazi lutho ngalolu daba, naye ulubona kwi social media," kuphetha umthombo osondelene noMalakoana.
Indaba iqale ngokuthi kuthiwe uLinda Sibiya uzohlukanisa unyaka kwiGagasi FM, kusho ukuthi kube sekuba khona ozihlanganisela izibalo zakhe.