AYIKAZIWA IMBANGELA YOKUBULAWA KOWESILISA EMOBENI
SEKUDUTSHULWE kwabulawa owesilisa endaweni yaseNottingham, eMobeni eningizimu yeTheku, namuhla.
Okwamanje ayikaziwa imbangela yokubulawa kwalo wesilisa, olinganiselwa eminyakeni engu-40 ubudala.
Abezimo eziphuthumayo baveza ukuthi bafike endaweni yesigameko lo mlisa esaphila. Bazamile ukuhlenga impilo yakhe kodwa washonela endaweni yesigameko ngenxa yokudutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu esifubeni.