ASATHOLAKALA AMATHIKITHI EDURBAN FASHION FAIR EQHUBELA EXHIBITION CENTRE
LINDOKUHLE NGCOBO
Kulindeleke ukuthi ube sezingeni eliphezulu umcimbi wombukiso wengqephu i-Durban Fashion Fair (DFF15), ozobanjelwa e-Durban Exhibition Centre eThekwini namhlanje, kusukela ngehora le-18:00 kuya kwele-21:00.
Lo mbukiso wamanqamu uzobe unabasiki bengqephu abangu-20 abazobe bekhangisa ngomsebenzi wabo wezinga eliphezulu kakhulu. Laba basiki bengqephu bazobe beqhubeka nohambo lokugubha iminyaka engu-15 kwalo mkhankaso we-DFF. Lokhu kulandela umbukiso wangoLwesithathu lapho abasiki bengqephu bekhombise khona imfashini yase-Afrika ukugubha iNyanga yamaGugu ngaphansi kwendikimba ethi, "Where Legacy Lives".
Amathikithi alo mcimbi adayiswa ngenani eliqala ku-R120 eWebtickets nasemnyango uqobo.