ANGASE AZITHOLE ESENKINGENI UMSAKAZI WE GAGASI FM


Angase avulelwe icala lokuhlukumeza umsakazi weGagasi FM. INews Avenue inalo igama lalo msakazi kodwa okwamanje ngeke ikwazi ukumusho kuze kube uvela enkantolo, uma unkosikazi wakhe wokuqala egcina emvulelile icala.

Kuvela ukuthi lentandokazi yomsakazi beyithintile, ivuke ngolaka ithi ifuna izingane zayo. Unkosikazi ubethathe izingane wavakashela umngani wakhe (unkosikazi) nazo. Lokhu kucasule umsakazi obezifuna la izingane. Ugcine ekhuluma amagama alumelayo.

Okwamanje belingakobi khona icala elivuliwe kodwa uma livulwa angazithola esenkingeni lomsakazi njengoba kunabanye ebebeqopha ividiyo.