ANGASE AZIGENQELEZELE YEDWA UMOFOKENG KUMA PSL AWARDS


SIZO BLOSE

Abathandi bebhola abaneme neze ngokwenziwa ngabagqugquzeli bama PSL Awards

Lendumezulu yomcimbi kuvela ukuthi izobanjwa ngobuchwepheshe besimanje.

Kuzokuba sengathi kusenobhubhane lwesifo esingumashayabhuqe, iCovid-19, esasingabavumeli abantu ukuthi bahlangane futhi kugqokwa izifonyo.

Kubukeka sengathi uRelebohile Mofokeng, we-Orlando Pirates uyena ozozitamuzela izindondo ngalolu suku.
Baningi abathipha yena ngenxa yokuthi wenze kahle kakhulu kwisizini edlule. Kwi Footballer of the Season uqhathwe noLucas Ribeiro  Costa no Keletso Makgwala
 Ikhona neminye imikhakha ezoba nzima, njenge Goal of the Season. Goalkeeper of the Season neYoung Player of the Season.