ANGASE AQOPHE UMLANDO UDUMI MKOKSTAD


LINDOKUHLE NGCOBO 

KUZOQOPHEKA umlando emcimbini wesihlabani somculo weGospel, uDumiseni "Dumi Mkokstad" Nzimande,  iThe Kingdom Mandate Revival Tour DBN(KMR), ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini mhlaka 29 November 2025. 

Kulo mcimbi uDumi Mkokstad uzobe eqopha bukhoma ingoma yakhe.

Uhambo lwalo mcimbi luqale ngoFebruary ngesikhathi uDumi Mkokstad ehola inhlolokhono iKingdom  Mandate Talent,  eThekwini. Lapho ayethungatha(Dumi Mkokstad) khona abazoba yingxenye yeKingdom Worshippers 

Nokuthe ngoMay  lo mculi wodumo lwengoma ethi "Mbize uJehova" wethula ngokusemthethweni iKMR eBig Top Arena, eCarnival City esifundazweni iGauteng. I-KMR ibenohambo lomjikelezo eGoli naseKapa.

Amathikithi alo mcimbi adayisa eTicketpro ngo-R350.