ANGASE ALIDLULISE PHAMBILI USHINGA OCHITHWE YINKANTOLO


UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal(KZN) noSihlalo we-NFP eKZN, uNksz Mbali Shinga, ugqemeke  engeqiwa ntwala eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu namhlanje, ngesikhathi ijaji lichitha isicelo sakhe sokuvimba iqembu i-NFP ukuba limkhiphe esikhundleni sokuba yilungu lesiShayamthetho.

Lesi sinqumo sezomthetho silandela ukuthi i-NFP inqume ukumxosha nya eqenjini. Iqembu limbeka icala lokunyathela imiyalelo yobuholi, emva kokuba enqabile ukuvota ngokuhlanganyela namaqembu (MKP ne-EFF) emkhankasweni wokukhipha uNdunankulu wase-KZN we-IFP, uThamsanqa Ntuli.

UShinga, oveze ukuthi ubevele engakwazi ukuvotela ukuchitha uhulumeni wobumbano (GPU) naye uqobo ayingxenye yawo, ubenze imizamo eminingi yokusebenzisa izinkantolo ukuze avikele isihlalo sakhe. Noma kunjalo, isinqumo sanamhlanje siwubeke obala umshado wakhe nezomthetho njengoba inkantolo ivune ubuholi be-NFP obuholwa nguMengameli uMnuz Ivan Barnes.