ANGASE ABOSHWE UCEDRIC NKABINDE
Angase aboshwe lowo oyisikhulu esiphezulu emaphoyiseni, uCedric Nkabinde.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi izitatimende zakhe zivele zashayisana ngesikhathi ethula ubufakazi kwi Ad Hoc Committee ePhamende.
Amanye amalunga akhale ngokuthi isitatimende sikaNkabinde siyadukisa. Amanye akhala ngokuthi asinalo iqiniso isitatimende salesi sikhulu esiphezulu.
Kuze kwaphoqeleka ukuthi amalungu e-Ad Hoc akunqamule ukuqhubeka kwaleli komidi namhlanje, abe esenika uNkabinde izinsuku ezingu 10 ukuthi ayobhekisisa isitatimende sakhe. Amanye amalungu athe okuwacasulayo ukuthi uNkabinde ufungile wathi uzokhuluma iqiniso lodwa.
I-EFF ivele yamvulela icala lokuqamba amanga ekubeni efungile uNkabinde.