AMAQEMBU EZEPOLITIKI AVULELE UMCHUNU ICALA
SIZO BLOSE
Amaqembu ezepolitiki asevulele uNgqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu icala.
Amsola ngokuphula umthetho kaSection 27.
Kuvela ukuthi uMchunu waqamba amanga ephalamende ekubeni efungile futhi ezibophezele ngokuthi, ngeke akwenze okuphambene nemiyalelo yephalamende.
IDA ivuke yaya esiteshini samaphoyisa eKapa ukuyovula icala, ivulela uMchunu. Kuzokhumbuleka ukuthi uMchunu wathi akazani noBrown Mogotsi, kodwa manje esitatimendeni asanda kusikhipha usethi umazi njengeComrade.
Akuyona iDA kuphela evulela uMchunu icala, iMKP kuthe izolo yavukela esiteshini samaphoyisa iBrookline ePitoli iyovulela uMchunu icala elifanayo.