AMAPHOYISA AVUMA UKWENZA IPHUTHA KUSOMABHIZINISI
USOMABHIZINISI wakuleli uMnuz Calvin Mathibeli usebize uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN), uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngesiqhwaga.
UMathibeli ubekhuluma nenhlangano yezindaba i-Newzroom Afrika namuhla.
Uthi okumqhatha namaphoyisa ukuvikela abantu asebenzisana nabo. Lo Somabhizinisi uveza ukuthi sekunesikhathi eside ehlukunyezwa ngamaphoyisa.
"UMkhwanazi ukwazi ukukhipha umyalelo wokuthi kubulawe umuntu. Aseze (amaphoyisa aKwaZulu-Natal) asebenzisana nezindawo zamakhaza ukuthi kuthathwe izidumbu zabantu. Amaphoyisa aKwaZulu-Natal amaningi ayakhala ngendlela asetshenziswa ngayo, asephendulwe izinkabi," kubeka uMathibeli.
Eqhuba udalule ukuthi kuliwa naye(uMathibeli) ngenxa yenkampani yakhe yonogada. Wathi kunomndeni wamatekisi olwa naye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe uzothathelwa izinyathelo zomthetho uMathibeli ngakushoyo ngamaphoyisa kanti noMkhwanazi uzomfaka enkantolo ngakusho ngaye.
UColonel Netshiunda uvumile ukuthi beyingekho indaba yokuboshwa kukaMathabeli.