AMAPHOYISA ASEKULUNGELE UKUQAPHA IMARCH AND MARCH
LINDOKUHLE NGCOBO
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal (KZN), athi azilungiselele ukuqapha imashi yenhlangano, iMarch and March eholwa uJacinta Ngobese Zuma, okulindeleke ibe ngoLwesibili, mhlaka-30 June 2026, eThekwini.
Obambe njengoKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uMajor General Phumelele Makoba, ukuqinisekisile lokhu namuhla ngemuva komhlangano nabaholi be-March and March, eThekwini. UMakoba uthe kube khona ukungaqondani kahle phakathi kukaMasipala weTheku nenhlangano ngemvume yokumasha.
"Singamaphoyisa sizoxoxisana noMasipala futhi sizibophezele ukuqinisa ezokuphepha. I-March and March izovumelana ngomzila ezowusebenzisa, amaphoyisa azobe ekhona ukuqapha ezokuphepha. Sizobe sivikela abamashayo, siphinde siqinise umthetho kulabo okungenzeka bazame ukuphazamisa imashi," kusho uMakoba.
UMasipala awukayivumeli imashi ngokusemthethweni. Amaphoyisa athi azoqapha noma ngabe kwenzekani.