AMAPHOYISA ASAPHENYA NGOKUBULAWA KWABANTU ABANGU 6
Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo ngembangela yokubulawa kwabantu abangu 6, eBoksburg, Reiger Park, izolo.
Lesi sigameko sishiye amalungu omphakathi eshaqekile njengoba kuthiwa kuqhamuke imoto evele yavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 6 kwalimala abangu 3.
Ayaziwa imbangela yalokhu kubulawa kwalaba bantu. Amanye amalungu omphakathi asola izimpi zama gangster endaweni.
Abanye bathi loku kubulawa kwalaba bantu bebuhleliwe njengoba kuthiwa abanye babo bebevele besohlwini obelukhona lalabo abebezobulawa.
Elinye ilungu lithi amaphoyisa alokhu ezixaka ngabantu abazidlela izidakamizwa ekubeni kunezigebengu ezisatshwayo okungabe ayazibopha.