AMAPHOYISA AQEDILE NGABASOLWA EMARGATE


ABAZANGE besakubona ukuphuma kwelanga abasolwa ababili abadutshulwe ngamaphoyisa bafa eVongo, eMargate namuhla  ekuseni. 

Kuvela ukuthi abakwasidlodlo bebelandela umkhondo wamacala ezibhamu ezingekho emthethweni. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uConstable Zabathembu Mthembu ukuqinisekisile ukubulawa kwabasolwa ababili.

"Amaphoyisa agasele endlini lapho bekuhlezi khona abasolwa, abesezibika(amaphoyisa) emnyango kodwa kwangaphendula muntu ngaphakathi endlini. Amaphoyisa abesengena ngaphakathi endlini, nokuyilapho abasolwa bebingelele khona amaphoyisa ngenhlamvu," kuchaza uConstable Mthembu.

Uthe  abomthetho babe sebebuyisela ngenhlamvu bebhekise kubasolwa.  Kulesi sigameko kutholakale izibhamu ezingekho emthethweni nezinhlanu. Kuzo okukhona ezimbili zohlobo lwe-AK47.