AMACIKO AYE KOKHALISANA NO NGIZWE MCHUNU


AMACIKO aKwaZulu-Natal alinde uNgizwe Mchunu isikhathi eside, ngesikhathi ehambele umuzi wakhe (Mchunu) oseMdumezulu, eMbumbulu namuhla. Lawa maciko abayokweseka uMchunu ngemuva kokushiselwa umuzi. Okuvela ukuthi ushiswe ngabantu abangaziwa, abafike bafuna uMchunu ngempelasonto.

Efika emzini wakhe uMchunu utshele amaciko ukuthi sesiphelile isikhathi sokukhala.

"Ngibhekene nezinto eziningi, njengoba kulimele umuzi lapha. Izingane azifundi kushe yonke into. Kufanele kugijinywe, funeka siye emahhovisi oMnyango wezaseKhaya. Izinyembezi angisenazo angifuni ukuqamba amanga. NoMalema bamatasa bayangibopha kumele ngiphuthumise izinto nakubameli," kubeka uMchunu.

Inkakha yeKwaito uT'zozo uveze ukuthi bengamaciko bazoxhasa ngemali engu R10 000 ukulekelela umndeni wakwaMchunu.