AMABOMBO ABHEKE EMKHOSINI WOMHLANGA


LINDOKUHLE NGCOBO 

WONKE amabombo abheke oPhongolo njengoba kuzothi kusasa kube uMkhosi woMhlanga, ozobe ubanjelwe okokuqala esigodlweni eMashobeni.

Izintombii seziqalile ukubonakala zibhekise amabombo oPhongolo, ithimba le News Avenue lizibonele ngawawo izintokazi zicula eMvoti Plaza.  

ISilo uMisuzulu kaZwelithini akulindilekile ukuthi sikhethe njengoba sike saveza ukuthi izintombi ezihamba uMhlanga izingane zaso. Okhulumela iSilo uMntwana Thulani Zulu uthe akakwazi ukuqinisekisa indaba yokuthi iSilo sizokhetha noma chabo. Ezeseka ngelithi lokho kusemandlenii eSilo.

Ngokwesiko likaZulu iNdlulamithi iphoqelekile  ukuthi iyise lo Mkhosi esigodlweni sayo esisha, nokuyilapho kubanjelwe uMkhosi wokweShwama ekuqaleni kwalo nyaka. Lokhu kuwuphawu lokuthi yonke imikhosi kaZulu isizobanjelwa kulesi sigodlo seSilo esisha. Kuzokhumbuleka ukuthi phambili imikhosi yaseNdlunkulu ibibanjelwa esigodlweni saseNyokeni kwaNgonoma, okuyisigodlo seSilo uZwelithini KaBhekuzulu.

Kusasa kulindeleke ukuthi iNgonyama yethule inkulumo ezobe iyibhekise ezintombini.  ISilo siveza ukuthi asifuni ukuthi kube nezinkulumo ezethulwa ngosopolitiki.