AMA CROWN GOSPEL ATHOLE ABAXHASI ABASHA
SIZWE BLOSE
ICebolethu selizosingatha umncintiswano wezindondo zokuklomelisa abaculi beGospel, amaCrown Gospel Music Awards.
I-News Avenue ihabule lezi zindaba kweminye yemithombo yayo ethembekile nengashayi phansi. Lo mthombo uzikhininda lezi zindaba uthe, iCebolethu kufana nokuthi kusekhaya kulona kumaCrown Gospel Music Awards, njengoba lingaqali ukuxhasa lo mncintswano, kodwa njengamanje kuvela ukuthi likhiphe izindondla zezimali
"Ngingakubeka ngokungananazi ukuthi inkontileka isisayiniwe kwabamele amaCrown Gospel Music Awards neCebolethu Funerals, njengoba lo mcimbi uvamise ukubae ngoNovember," kulandisa lo mthombo okhuluma sakucikoza.
Umthombo uphinde waveza ukuthi uZanele LaMbokazi Nkambule ongumsunguli wamaCrown Gospel Music, wayengumngani omkhulu kaNomfundo Mcoyi onguMphathi aphinde abenguMsunguli weCebolethu Funerals.
"Engingakutshela khona ukuthi lo mncintiswano usuzobizwa ngokuthi iCebolethu Crown Music Gospel Awards ngenxa yoxhaso olukhishwe iCebolethu Funerals,"
Kuzokhumbuleke ukuthi uZanele udlule emhlabeni ngonyaka ka-2024, ehaqwe isifo somdlavuzo kodwa abanye bashaya phansi ngonyawo bathi abafuni ukuwabona eshabalala, baqhubeka bawenza eGoli, eGauteng kwathi ngonyaka odlule bawenze KwaZulu-Natal(KZN).
I-News Avenue ibe isithinta omunye umthombo oqale wabamanqikamanqika ukuphawula ngalolu daba, kodwa kuthe uma intatheli iwupheka ngemimbuzo. Ugcine uphendulile ukuthi cishe iyela ku-R10 million imali iCebolethu eyikhiphile ixhasa lo mcintiswano, ngokomthombo ubeka ngamafuphi.
INews Avenue ithinte uNonjabulo Mdluli wamaCrown ophinde abe yindodakazi kaZanele, uthe intatheli ayilinde isonto Elizabeth nalapho ekuzomenyezelwa ngokusemthethweni abaxhasi. "Engingakuqinisekisa khona ukuthi noma kanjani amaCrown azoba khona, sizokumema nawe ngesonto elizayo uzozizwela," kubeka uNonjabulo.
INews Avenue izamile ukuthinta okhulumela iCebolethu kodwa ifoni yakhe yakhala udu.