ALOKHU ENGENE NJALO AMAZWI ENDUDUZO KUDLULA ULEKOTA


Alokhu engene njalo amazwi enduduzo ngemuva kokudlula emhlabeni kuka Mosiuoa Lekota. 

Lomholi ubengomunye wabasunguli beCope ngemuva kokuqembuka kwi-ANC.

Waqala ngokubambisana noMbhazima Sam Shilowa kodwa bagcina bengaboni ngasolinye. Lokhu kwaholela ekutheni agcine emxoshile kuleli qembu uShilowa.

 Selokhu labunjwa leli qembu belibhekene nezinkinga eziningi, kukhona nalapho abake bamjijimeza khona uLekota, ejijimezwa amanye amalungu eCope.

Ushona nje besekunemimuzo ngepolitiki yakhe njengoba ebevele aseke abamhlophe ngokungananazi, abuze nemibuzo engaqondakali.

Ube neqhaza elikhulu ekusungulweni kwe United Democratic Movement (UDF) kanti uke wabasebuholini be-ANC enguSihlalo kaZwelonke, abanye bazomkhumbula ngokuba uNgqongqoshe wezokuVikelwa kwezwe.

Amaqembu amaningi asezwakalise amazwi endunduzo  ethi azolikhumbula iqhaza lakhe emzabalazweni.