ALOKHU ENGENE NJALO AMAZWI ENDUDUZO ENDLUNKULU KAZULU
LINDOKUHLE NGCOBO
AMAZWI enduduzo alokhu engene njalo eNdlunkulu kaZulu, kulandela ukudlula emhlabeni kukaNdlunkulu uThoko Gladys Zulu, ngoLwesihlanu mhlaka 27 June 2025.
UNdlunkulu ubegane owayeyibamba Bukhosi bukaZulu, uMntwana uMcwayizeni kaSolomon waseNxangiphilile. UMntwana uMcwayizeni waba yibamba ngonyaka ka-1968, ngemuva kokukhothama kweSilo uBhekuzulu kaSolomon, ngaphambi kokuba kuhlale esihlweni soBukhosi iSilo uZwelithini kaBhekuzulu ngonyaka ka-1971.
Omunye wabadlulise amazwi enduduzo uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli. "Sibuhlungu ngokulahlekelwa uNdlunkulu Thoko Gladys Zulu. Ubengeyona nje kuphela insika yaseNdlunkulu kaZulu kodwa ubeyisisebenzi sabantu, ebesenza umsebenzi wokufundisa abantu sishintsha izimpilo zabantu. Ubengumuntu onobuhlakani, ubuntu nobuqotho ehloniphekile emphakathini," kuchaza uNtuli.
Eqhuba uNtuli ngokumela uhulumeni waseKZN udlulise amazwi enduduzo kwiSilo uMisuzulu kaZwelithini, iNdlunkulu kaZulu, esizweni sikaZulu nakubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.