ALIKHO ITHEMBA NGENKULUMO KA RAMAPHOSA AYIBHEKISE ESIZWENI
Sizwe Blose
Amehlo azobe ethe njo kuMengameli wezwe uCyril Ramaphosa. Namhlanje uRamaphosa kuzomele ethule inkulumo ayibhekise esizweni, ekuzoba ngeyeshumi.
Abantu bazokube belindele lukhulu kuMengameli, oke wazakhela olukhulu udumo ngesikhathi ethula inkulumo kusona iState of the Nation, ethi Thuma Mina, ecaphuna ingoma kaBra Hugh Masekela.
Leyonkulumo yabahlaba umxhwele abaningi, kodwa ngebhadi ayithelanga zithelo ezingako.
Abantu kuze kube yimanje bakhala ngamanzi, intuthuko, imisebenzi, ukungasebenzi kahle komasipala nokunye okuningi.
Ngokujwayelekile abantu bazozwa izethembiso zikamengameli kodwa ezigcina zingasho lutho kubantu abaningi baseMzansi.
Into ebhekeke kakhulu, ileyo ezobe iqhamuka kumalungu ephalamende nezimenywa, okuyigqephu. Lapho izikhulu aziphoxi zisuke ziyibambe ngendlela imfashini.