AKUQONDAKALI UKUTHI USIHLALO WE NFP EKZN NOMENGAMELI WEQEMBU BAZOWUHAMBELA YINI UMCIMBI KA VZ MAGWAZA OLUNDI
Lindokuhle Ngcobo
AKUCACI noma uSihlalo weNFP KwaZulu-Natal(KZN), uNksz Mbali Shinga uzoba khona yini emcimbini wokubungaza impilo kalowo owayenguMengameli noMsunguli weNFP, uNkk Zanele kaMagwaza Msibi.
Lokhu kulandela ukungaphumeli obala kukaNobhala waleli qembu eKZN, uNkk Zodwa Mtshali izolo esithangamini sabezindaba, eThekwini.
UMtshali akazange anikeze impendulo ecacile ngesikhathi ebuzwa iNews Avenue ukuthi engabe uShinga noMengameli weNFP uMnuz Ivan Barnes bazobe bekhona yini kulo mcimbi.
Ephendula uMtshali uthe, akakwazi ukuphendula aqondise. Waveza ukuthi beyisigungu seqembu eKZN, babhalele ubuholi bukazwelonke becela uBarnes ukuthi kube nguyena isikhulu sosuku kulo mcimbi.
"OkukaShinga angifuni ukukuphendula ngoba uma ukhuluma ngoShinga, kunendaba eniyaziyo phakathi. Asikwazi ukungena kuyona ngoba iphakathi kobuholi bukazwelonke naye(uShinga). Uma kuwukuthi uzoba khona kusho ukuthi bazobe bexoxe nobuholi bukazwelonke, ibona abazanayo ukuthi babekane kuphi njengamanje," kusho uMtshali.
Umcimbi wokubungaza oKaMagwaza Msibi uzoba ngoMgqibelo mhlaka 14 February 2026, eMaqhinga Hall, oLundi.