AKULULA UKUGUDLUZA UDUDU KHOZA OHLELWENI
Ubudlelwano baLady D, uDudu Khoza nabalaleli boKhozi FM bukwelinye izinga.
UDudu sekungumuntu okumele ukhulume naye kuqala uma ucababga ukumgudluza ohlelweni. Njengomphathi, umncenge ukuthi kube uyena otshela abantu ukuthi usefuna ukushiya noma ukwenza olunye uhlelo.
Uma uvele umbhudubeza nje, umtshele ukuthi usezongena kathathu, ngeke ilunge leyo. Akube uyena ozotshela abantu futhi lokho akwenze kube yisinqumo asithathe yena. Hhayi ukuthi sithathwe yinina njengabaphathi.
Kuvela ukuthi izikhulu zoKhozi FM zithwele kanzima njengoba zizama ukumphuca izinsuku ezimbili esontweni. Isimo sibi kangangoba sengathi luyagoba uphondo kuzona njengoba sezithi okungenani akangena izinsuku ezine esontweni.
UZOTINYELWA IZINYOSI