AKUDLALWA NAMHLANJE KWI NGC YE ANC KWAZISE KUNGENWA KUMA COMMISSION


Iyaqhubeka iNational General Council ye African National Congress, eBirchwood Hotel, Boksburg, eGauteng namhlanje.

Amalungu alenhlangano namhlanje azokuba kumaCommission, lapho ezokube edingida izihloko ezihlukahlukene nokuzothi ekugcineni lenhlangano ibe seyithatha izinqumo ngalokhu okuzovunyelwana ngakho. Abezindaba basuke bengavumelekile kulolu hlelo.

Izolo uMengameli Cyril Ramaphosa noNobhala Jikelele uFikile Mbalula bathule imibiko yabo emayelana nenhlangano. Namhlanje kuzoqhubeka umsebenzi wangempela kumaCommission.

Kwenzeka nje lokhu abasebenzi be-ANC, bebegxoba itoyitoyi ngaphandle ngenxa yamaholo abanye bethi bafuna iprovident fund. Kodwa uNobhala utshele abezindaba ukuthi sebekhokheliwe abasebenzi. 
Kanti i-ANC ithi icabanga ukwenyusa imali yobulungu iphinde iqinise ekutholeni uxhaso ukuze kukhokheleke abasebenzi futhi iphele nya indaba yokungakhokheleki kwabo.