AKASEKHO EMHLABENI USHEZI WE-MK PARTY


KUVELA ukuthi akasekho emhlabeni uNkosentsha Shezi (50) obeyilungu eliqavile leMK Party aphinde amele leli qembu ePhalamende.

Losopolitiki uzakhele olukhulu udumo ngokweseka umholi weMKP,  uJacob Zuma, aqala ukumeseka ngesikhathi esekwi e-ANC bethi baphusha i-Radical Economic Transformation(RET).

Udlule emhlabeni namhlanje kwezinye zezibhedlela eThekwini. Esuku kwi ANC, uvule iqembu lezepolitiki noCarl Niehaus kodwa elingayanga ndawo waze wadlulela kwi MKP.

Bekungakaziwa ukuthi uzobekwa nini endlini yakhe yokugcina.